Ugeqa amagula umfana odlwengulwe 'umalume'

2017-03-27 12:33

Durban - Ugeqa amagula umfanyana oneminyaka emine ubudala mayelana nokunukubezwa kwakhe ngumalume oshayela imoto ahamba ngayo uma eya enkulisa kuRoad 8 eChesterville, eningizimu-ntshonalanga yeTheku.

Lo mfanyana - esingeke simdalule igama ukumvikela nangenxa yeminyaka yakhe - uze akhombise abazali bakhe ukuthi umalume ubenzanjani uma esefaka ugwayi wakhe esithweni sakhe sangasese.

Kuthiwa lo mfanyana uma eseyixoxa indaba, uze ancenge unina ukuba angamxoxeli umalume ukuthi ubemkhombisa ukuthi uwufaka kanjani ugwayi wakhe kuyena ngoba uzombulala futhi unesibhamu.

ILANGA lixoxe nonina wengane - naye esingeke simdalule igama lakhe ukuvikela ingane - othi indodana yakhe iqale ukufunda kule nkulisa ekuqaleni kukaNhlolanja (Febuary).

Uthi imoto kamalume uyithole ngalo usuku ingane eqale ngalo enkulisa, ubengamazi lo malume kodwa umthole ngokuthi ubehambisa ezinye izingane ezifunda kule nkulisa.

Ingane selokhu iqale ukufunda kule nkulisa, uthi ishintshile kakhulu kodwa ubenganakile ezitshela ukuthi isazojwayela.

"Ingane ibihlale ibuya esikoleni ikhala kodwa ingasho ukuthi kwenzenjani, kwesinye isikhathi kungavumi nokuthi ihambe kahle ngizitshela ukuthi mhlawumbe idlale kakhulu enkulisa nezinye izingane. Kokunye ibingafuni nokuthi ngiyigeze uma ibuya enkulisa ifune ukulala kuphela. Ibibuya esikoleni ikhathele, ingafuni nokudlala nezinye izingane ijahe ukuyolala," kusho unina wengane.

Uthi okunye obekwenzeka kodwa engakunakile, wukuthi ibisinomkhuba wokuthi uma ifuna ukuzikhululula ikhale kakhulu ngezinhlungu, ihluleke nokuzibamba izikhulule ingakafiki nasendlini encane.

“Bengize ngiyithethise kwesinye isikhathi. Ngize ngasola ukuthi mhlawumbe okwenza izikhulule ngalolu hlobo wukuthi ngizithwele,"  kusho yena.

Uthi ngesinye isikhathi ubeke abone isikhindi sayo sangaphansi sinegazi kodwa nakhona engazitsheli ukuthi ngabe inukubeziwe, azitshele ukuthi iklwebheke enkulisa idlala nezinye izingane. Indaba ize yavela ngesikhathi ingane isiqala ukugula wazitshela ukuthi ihlaselwa wumkhuhlane wayiphuthumisa kodokotela abafike bayinika imithi yomkhuhlane.

OLUNE UDABA: Isihluku kuhlaselwa ikhehla, isidumbu salahlwa emfuleni

"Kuphele izinsuku ngibona umkhuhlane ungapheli, kunalokho ingane yaqhubeka nokugula kakhulu yaze yamila nezilonda emlonyeni. Ngizitshele ukuthi kungenzeka ihlaselwe yisela (isilonda) kumele ngiyishutheke iCollegate ezinqeni. Ngithuke ngacishe ngashayeka phansi ingane yami inezilonjana ezincane ngemuva, imbobo yokuzikhulula ivuleke ngendlela eyisimanga. Ngithe uma ngiyithinta yakhala kakhulu ithi kubuhlungu," kusho yena.

Uthi ube esefikelwa wumcabango wokuthi kungenzeka ukuthi kukhona umuntu obeganga nganyo. Utshele ILANGA ukuthi bekungavumi nokuthi ihlale kahle phansi, uma ihamba isishintshe indlela ehamba ngakhona.

"Ngiyihlalise phansi ngayincenga kahle indodana yami, ngayibuza ukuthi ngubani obeyithinta ngemuva. Iqale yangincenga ukuthi ngingayishayi uma ingitshela iqiniso. Nebala ngehlise umoya yabe isigeqa amagula ingane ichaza ukuthi ilinyazwe wugwayi kamalume. Ibize ichaze nokuthi umalume ubeyithatha ngaphambi kokuba ayihambise esikoleni aqale ahambe nayo baye endlini yakhe ayikhumulise ibhulukwe bese eyifaka ugwayi wakhe," kusho unina wengane.

Uthi ngesikhathi ingane imtshela konke lokhu, ibimtshela nokuthi umalume uyidonse ngendlebe wathi ingaxoxeli muntu ngabekwenza kuyona, ayikhombise isibhamu athi uzoyibulala.

ILANGA linama-video aqoshwe ngunina wengane izichazela ngokwayo ukuthi ngubani obeyinukubeza nokuthi ubeyinukubeza kanjani. Unina wengane uthi kumanje ingane yakhe ihlukumezekile, isisaba ngisho ukudlala nezinye izingane emnyango - isihlala inaye endlini.

"Uyihlukumezile umalume ingane yami, isihlale ikhuluma ngogwayi wakhe, ngisho izidlalela yodwa uyizwe isikhuluma yodwa isho izinto ebezihlale zishiwo ngumalume uma eseyinukubeza eyincenga ngokuthi mayiqinisele uma izwa ubuhlungu, ayitshele ukuthi ayiphephise kuzophola. Uthi ngisho ehamba nengane emgwaqweni iyakhala ithi bangasheshi ngoba ugwayi kamalume uyilimazile. Kumanje lo mfanyana uhleli ekhaya akasayi enkulisa ngenxa yalesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuvulwe icala lokudlwengula umsolwa akakaboshwa, amaphoyisa asenza uphenyo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.