Ugeqe amagula unozinti wakuleli oyisitabane

2016-07-15 20:31

Johannesburg – Unozinti we-JDR Stars, edlala ku-ABC Motsepe League, uPhuthi Lekoloane, usebe ngumdlali wokuqala odlala ibhola elikhokhelayo, ukuphumela obala ngokuthi uyisitabane.

ULekoloane, odume ngelikaPhuthi Minaj, ukwenze kwacaca ukuth akakufihli ukuthi uthandana nabantu abangabobulili obufana nobakhe.

Ubekhuluma ohlelweni lukaRobert Marawa kuMetroFM ngoLwesithathu.

Uthe ufuna ukuqopha umlando ngokuba ngunozinti wokuqala oyisitabane ukudlalela iBafana Bafana.

OLUNYE UDABA: Ubonakale eNaturena umdlali ogaqelwe yiChiefs

“Ngizobe ngingazenzeli mina, kepha ngizobe ngenzela bonke la badlali abancane abasabayo ukuphumela obala ngempilo abayiphilayo,” esho.

Uthi wakhula eyisitabane, futhi abazali bakhe bayameseka kakhulu.

“Kwesinye isikhathi kwakuba nzima kulabo engidlala nabo ngoba babengixwaya kwesinye isikhathi. Ngelinye ilanga sake sahlulwa, omunye wabadlali wathi sihlulwe ngoba kukhona isitabane eqenjini” esho.

Thola udaba oluphelele ephephandabeni iSowetan.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.