UGigaba ulaxaze isithangami ngenxa 'yomhlangano ophuthumayo' noRamaphosa

2017-04-11 12:31

Johannesburg – UNgqongqoshe wezeziMali, uMalusi Gigaba, uselaxaze isithangami sabezindaba ngemuva kokubizelwa “emhlanganweni ophuthumayo” noSekela Mengameli, uCyril Ramaphosa, kusho iHhovisi loMgcinimafa esitatimendeni ngoLwesibili.

UGigaba bekulindeleke ukuthi akhulume kulesi sithangami kulandela umhlangano nemboni yezemisebenzi emahhovisi eNational Economic Development and Labour Council (Nedlac) eRosebank, eGoli.

Lokhu kuyingxenye yezinhlelo zakhe zokudlana indlebe nemboni yezemisebenzi kanye nabamabhizinisi kulandela ukuhlelwa kabusha kweKhabhinethi okuholele ekutheni athathe izintambo kobenguNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan. Isikhala salowo obenguSekela Ngqongqoshe wezeziMali, uMcebisi Jonas, sona savalwa uSfiso Buthelezi.

OLUNYE UDABA: Angikholwa ukuthi umnotho ubanjwe ngumuntu oyedwa - Gigaba

Ngemuva kwalokhu, izinhlangano eziklelisa izinga leminotho yamazwe, okuyi-Standard & Poor’s kanye neFitch, zibe sezehlisela umnotho wakuleli esigabeni esiphansi (junk status) ngemuva kokukhathazeka kokuthi ukushintshwa kobuholi kuzodala ungabazane ngenqubomgomo.

Kodwa-ke uNgqongqoshe uzophinde ahlangane nabatshali bezimali eGoli kanye naseKapa ngasekupheleni kwesonto. Inhloso yale mihlangano kuzobe kuwukuqinisekisa abatshali bezimali ukuthi inqubomgomo ayikakashintshi.

Ngaphambilini iFin24 ibike ukuthi uGigaba uzolibangisa eMelika emizamweni yokubuyisa ukwethenjwa ngabatshalizimali. Kodwa-ke usomabhizinisi ophinde abe ngumholi womkhankaso weSave South Africa, uSipho Pityana, utshele iFin24 ukuthi kusazoba “nenkulumompikiswano enzima” kwabamabhizinisi kanye nabemboni yezemisebenzi mayelana nokuthi bazolweseka yini lolu hambo.

UPityana uthi isinqumo sikaMengameli Jacob Zuma sokunqamula uhambo lukaGordhan kanye noJonas phesheya kwezilwandle saba “ukukhahlelwa emazinyweni" kwabamabhizinisi kanye nabezemisebenzi ababephelezele uGordhan ohambweni lwakhe. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

How your dog can tell what you’re feeling

Researchers have found a specific area in a dog’s brain that recognises human faces – a finding that may help to explain why dogs are so sensitive to human social cues.

 

Paws

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day
Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.