Ugixabezwe ngeminyaka engu-15 esejele owabulala indoda ehostela KwaMashu

2018-03-29 07:29

Durban - INkantolo yesiFunda eNtuzuma ilahle ngecala yaphinde yagweba uKhulekani Ngcobo, 44, iminyaka engu-15 ebhadle ejele ngecala lokubulala.

NgoFebhuwari 2016, uKhumbulani Ngema, 23, watholakala eseshonile lapho ayehlala khona esigcemeni sakwa-A KwaMashu kuPhumula Road, ehostela.

UNgema wayenenqwaba yamanxeba okudutshulwa emzimbeni.

OLUNYE UDABA:Sekuphinde kwabulawa omunye ehostela KwaMashu

Kwavulwa icala lokubulala emaphoyiseni aKwaMashu ukuze kuzophenywa.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe ngemuva kophenyo olunzulu, kwaboshwa uNgcobo.

UNgcobo wavela enkantolo eNtuzuma izikhawu ezimbalwa lapho icala elagcina limgojela khona ngoMsombuluko.

IBamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uMajor General Bheki Langa ubashayele ihlombe abaphenyi becala ngokushushiswa komsolwa okube yimpumelelo.

 - Daily Sun

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.