Ugogo ukhala ngentokazi ena-26 emthathele ikhehla lakhe

2017-09-26 16:02

eMangaung - Igaya izibozi inhliziyo kaZandile Stephen, 63, othi kumcacele ukuthi ulwa impi angeke ayinqobe njengoba efuna ikhehla lakhe libuye empilweni yakhe.

Yena nekhehla lakhe uStephen Lepheyane, 65, baneminyaka emine bethandana kanti manje leli khehla eselithole intombi esencane lithi lesi salukazi siyavilapha enkonzweni yasekamelweni.

UZandile, waselokishini iKhayelitsha, eMangaung, uthi ikhehla lakhe limjolela nentokazi eneminyaka engu-26 ubudala.

“Okungiphatha kabi kakhulu wukuthi le ngane ikhulele phambi kwami. Manje isizibona ikhule ngokwanele ukuthi ingangithathela indoda," kusho lesi salukazi.

Uthi wayelenzela yonke into leli khehla, elinika nemali yakhe yempesheni.

OLUNYE UDABA:Kushone izithandani ezisencane imoto iphoseka edamini

"Kudala ngilikhuza ukuthi aliyeke lokhu elikwenzayo ngemuva kokuthi ngilibambe emkhukhwini wale ntombi, kodwa kalifuni ukuhlukana nayo."

Ucele abe-Daily Sun ukuba bakhulume naleli khehla, kodwa ngesikhathi bexhumana nalo liphikile lathi naso lesi salukazi siyajola.

"Angazi ukuthi kungani uZandile enezikhalazo ngoba usegugile futhi uyavilapha nasembhedeni," kusho leli khehla.

Liqhubeke lasho nokuthi selihleli naye ngoba ulipha imali anakekela ngayo le ntombi esencane.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.