UGordhan ubona abantu abamnyama befanelwe ukuhlahla umoba – Indodana kaZuma

2017-07-29 11:01

Cape Town – I-SAHRC izophenya ngokuphawula okunokucwasa ngokwebala okwenziwe yindodana kaMengameli Jacob Zuma, u-Edward, ekubhekise kulwo owayenguNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan kanye nowezokuVakasha uDerek Hanekom.

Encwadini evulelekile, u-Edward Zuma, ubhale ukuthi uHanekom “uyinja engenazwelo eyaqeqeshwa ukuba idephune isikhumba esimnyama,” kubika i-eNCA ngoLwesine.

Kuyo le ncwadi uphinde achaze uGordhan “njengomunye wamaqabane anenkohlakalo ukuwadlula wonke ku-ANC acabanga ukuthi abantu abamnyama ayikho into engcono abangayenza ngaphandle kokuhlahla umoba baphinde bathobele obasi abafana naye.”

OLUNYE UDABA: Sizobuvikela ngakho konke ubuholi be-ANC- Edward Zuma

ISA Human Rights Commission ithe okuqukethwe yile ncwadi, ikakhulukazi izitatimende ezigqugquzela inzondo yobuhlanga, akwehli kahle futhi kuphambana nelungelo elikuMthethosisekelo lokukhuluma ngokukhululeka.

I-SAHRC ithe izophenya kulandela ukuvela kwale ncwadi.

NgoLwesithathu ebusuku, u-Edward waphinde wagxeka uGordhan noHanekom ebabiza “ngezimpimpi”.

Bobabili laba baphakamisa ukuthi uMengameli Zuma ehle esikhundleni, lapho uGordhan akhuluma khona “ngosopolitiki abanenkohlakalo”, ebhekise kuZuma.

Ngemuva kwalokhu, i-ANC KwaZulu-Natal iziqhelelanisile nokuphawula kuka-Edward.

 

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.