UGordhan ‘udansela isiginci’ seDA ‘nongxiwankulu’ – PPF

2017-01-09 10:00

Cape Town - IProgressive Professionals Forum (PPF) inxuse uNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, ngeSonto ukuthi ayeke ukulokhu ehlasela uKhomishana wakaSA Revenue Service (Sars), uTom Moyane.

I-PPF iholwa uMzwanele (Jimmy) Manyi, oweseka kakhulu uPresident Jacob Zuma kanye nomndeni ongomacaphuna kusale, abakwaGupta.

OLUNYE UDABA: UMantashe uphika eyezingxoxo kwi-ANC ngozongena kwesika- Gordhan

Lesi sitatimende sePPF silandela impendulo yaGordhan ngeSonto eledlule, nalapho egxeke khona izikhulu zakwaSARS kanye nalowo oyiHead of Media and Communications kuPPF, uLuther Lebelo, mayelana nokuphawula kwakhe ngezikhungo ezikelisa ubukhulu beminotho yamazwe.

“UMnumzane Lebelo, njengemenenja enkulu futhi enamandla kwaSARS, akufanele aphawule odabeni olubucayi futhi olubalulekile njengokukeliswa kwamazwe esidlangalaleni,” kusho uGordhan.

Ukuphawula kwaLebelo kwakuqukethwe encwadini eyathunyelwa kuBusiness Day mhla zingu-28 kuNovemba, kunyaka ka-2016, nalapho acashunwa ethi “izikhungo ezikelisa iminotho yamazwe… azilutho kodwa ziyizigelekeqe ezihleliwe zezomnotho”.

I-PPF ithi uGordhan kumele ahloniphe ilungelo lokukhuluma ngokukhululeka, ahlukane nokufuna ukulawula ukuthi abasebenzi bakwaSARS bakhuluma bathini.

“I-PPF ibuka uNgqongqoshe uGordhan ngezenzo zakhe zokujabulisa iDA kanye nongxiwankulu abamhlophe kugxambukela ekusebenzeni kwaSARS ngokuthi ayalele ngokungaqondile abaphathi bakwaSars ukuthi bathathele uLebelo izinyathelo,” kusho uPPF.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.