UGordhan uthi kumele ilandwe imali eyebiwa kwaDenel

2018-04-10 11:12

Pretoria – UNgqongqoshe wezamaBhizinisi kahulumeni uPravin Gordhan uthi imali eyebiwa kwa-Denel kumele ibuyiswe, kuthi nalabo abathintekayo bathathelwe izinyathelo.

UNgqongqoshe ubekhuluma esithangamini ngoMsombuluko eCenturion nokuyilapho ememezele khona ibhodi elisha lale nkampani kahulumeni, ebhekene nezinselelo kwezezimali.

Lowo owayeyisikhulu esiphezulu kwi-Airports Company South Africa (Acsa) uMonhla Hlahla uqokelwe kwesokuba ngusihlalo webhodi elisha.

OLUNYE UDABA: BUKA: Kubhimbe uhlelo kobegebenga owesimame eKZN

UGordhan uthi enye ingxenye yomsebenzi webhodi ukulungisa umonakalo we-state capture.

“Sekuyisikhathi sokubuza umbuzo: ikuphi imali, izotholakala kanjani? Uma kunguwena owayamukela, kuzomele uphendule.”

UHlahla uthi kuzomthatha okungenani izinyanga ezine ukuqonda ngokugcwele umsebenzi wenkampani.

Ukuqokwa kwebhodi kuzophothulwa emhlanganweni olandelayo weKhabhinethi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.