Ugqunywe esitokisini osolwa ngokugwaza isoka

2017-02-03 19:29

Johannesburg - Uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseKagiso owesifazane oboshwe ekuqaleni kwesonto ngecala lokuzama ukubulala.

Kuzwakale ukuthi ugwaze isoka lakhe ephindelelea ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko. Amaphoyisa afike endawesi yesigameko kodwa isoka lakhe liqulekile lingakwazi ukusho ukuthi ushone kuphi lo wesifazane.

Kodwa akudingekanga ukuthi amaphoyisa amfune kakhulu njengoba ekhonjwe kweminye yemizi esendaweni.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owesifazane ngokushona kwesoka eThekwini

Okhulumela amaphoyisa aseKagiso, uCaptain Solomon Sibiya uthe, isigameko senzeke eSwaneville, ku-Block 1 eduzane naseKagiso, eMogale City. 

"Amaphoyisa aseKagiso ashayelwe ucingo ngumakhelwane mayelana nesigameko."

USibiya uthe amaphoyisa aphuthume endaweni afica indoda idindilize phansi ngemuva kokugwazwa ekhanda nasesifubeni. Iphuthunyiswe esibhedlela ngokusho lapho okubikwa ukuthi kumbulwa kwembeswa kuyo.

USibiya uthe umsolwa utholwe ecashe emzini ongamamitha mabalwa nasendaweni yesigameko.

Umsolwa uboshiwe wayogcinwa esitokisini samaphoyisa aseKagiso.

"Umsolwa uzophinde avele enkantolo eseyofaka isicelo sebheyili kanti njengamanje uqgunywe esitokisini," kusho uSibiya.

 - Daily Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.