UGraca Machel uhlela ukuthathela udokotela kaMandela izinyathelo zomthetho

2017-07-21 16:00

Johannesburg – Umfelokazi kalowo owayenguMengameli wezwe uNelson Mandela usabisa ngokuthathela izinyathelo zomthetho lowo owayengudokotela kaMandela okhiphe incwadi "ngeminyaka yokugcina" yaleli qhawe.

UGraca Machel ugxeke ukukhishwa kwencwadi ethi, Mandela’s Last Years, ebhalwe ngudokotela kaMandela, uVejay Ramlakan.

“Ngiyigxeka ngazo zonke izindlela le ncwadi,” kusho uMachel ngesitatimende asikhiphe ngoLwesihlanu.

URamlakan wayehola ithimba lodokotela bakaMandela, owashona ngo-2013.

OLUNYE UDABA:Webelwe u-R83 000 uMadikizela-Mandela

Incwadi yakhe iveza imininingwane mayelana neminyaka kaMandela yokugcina kanye nezimo ezikhethekile ezenzeka ngaphambi kokushona kwakhe.

UMachel usabisa ngokuthumela abezomthetho ukuba banqande ukudayiswa kwale ncwadi ngoba iphula umthetho wokugcinwa kwezimfihlo phakathi kukadokotela nesiguli.

Uthi uzohlangana nabameli ukuze bazame izindlela zokuqinisekisa ukuba “bagcina igama likaMadiba kanye nesithunzi sakhe kukuhle”.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.