UGrace Mugabe ubonakale okokuqala emphakathini kulandela isigigaba sakuleli

2017-08-25 18:02

Harare – Unkosikazi kaMengameli waseZimbabwe, uGrace Mugabe, uvele okokuqala emphakathini kusukela afulathela iNingizimu Afrika ngemuva kwezinsolo zokushaya unobuhle waseGoli.

Lesi sigameko kusokalala ukuthi senzeka ehhotela elisendaweni yomntakabani, eSandton.

UGrace ubebukeka ethokozile ngoLwesihlanu ngesikhathi ehambe ebuka amatafula emibukiso eyahlukahlukene emcimbini wezolimo enhlokodolobha, iHarare.

Lo mcimbi kulindeleke ukuba uvulwe ngokusemthethweni nguMengameli Robert Mugabe, obuyele eZimbabwe nonkosikazi wakhe ngempelasonto ngemuva kokuthi iNingizimu Afrika imnikeze ushwele.

Ngemuva kwesigameko okusolakala ukuthi uGrace wahlasela kuso uGabriella Engels, kwaba nokuvungama abanye bethi uGrace kumele ashushiswe ngalezi zinsolo sezigameko sangomhlaka-13 Agasti.

OLUNYE UDABA: Nasi isizathu esenze uGrace Mugabe wahlasela uGabriella

I-AfroForum, okuyiyo eyeseka u-Engels isibabele enkantolo ngethemba lokuthi kube nzima kuGrace ukuba abuyele eNingizimu Afrika.

Izinhlangano ezingaphansi kukahulumeni eZimbabwe azithi vu ngalesi sigameko esibandakanya umama wesizwe.

Ngokusho kwemibiko yamaphephandaba, uGrace kuthiwa wabhadama amadodana akhe noGabriella Engels bedla izidakamizwa ehhotela wathukuthela maqede wabashaya.

Ngokusho kombiko weZim-News.net, uGrace wafaka incwadi efungelwe esiteshini samaphoyisa esola u-Engels ngokuhlinzeka amadodana akhe ngezidakamizwa.

UGrace kule ncwadi efungelwe waveza ukuthi amadodana akhe agadiwe ngakho awakwazi ukuzithengela izidakamizwa, yingakho abesebenzisa u-Engels.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.