Ugwaze umngani kubangwa ubhiya eMlazi

2017-01-19 16:00

eMlazi -  Kuphume isidumbu abangani bebanga ibhodlela likabhiya kwa-J eMlazi.

UCebo Khomo, 24, ubulawe umngani wakhe embhokoda ngommese kubuka abantu bebanga ukuthi uphuza utshwala bakhe ngenkani.

Kuthiwa uJerome Lubanyana wacela umngani wakhe ukuba ahlukane nobhiya wakhe.

Lokhu kwathukuthelisa umufi owadonsa ipulangwe waliphahlaza ekhanda likaLubanyana ecikwa wukuthi umncisha ubhiya.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa abangani eMpophomeni

Umsolwa waqonda endlini wahosha ummese wabuya wagwaza ngawo umngani wakhe phambi kwezingane zakhe.

Iphephandaba iLANGA lithole ukuthi uKhomo waphuthunyiswa emtholampilo nokuyilapho ashonela khona.

Okhulumela amaphoyisa uThembeka Mbhele uthi uboshiwe uLubanyana wabekwa icala lokubulala.

"Kulindeleke ukuba avele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseMlazi umsolwa lapho azofaka khona isicelo sebheyili."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.