Ugwaze wabulala indodakazi ngoba inesikhwele

2016-08-01 11:32

Johannesburg - Kubikwa ukuthi indoda yaseMlalazi, eShowe, ibhokode ngommese indodakazi yayo yaze yayibulala iyisola ngokulwa isikhwele sikanina oshone ngonyaka odlule.

Iphephandaba iSolezwe libika ukuthi ngemuva kwesigameko umsolwa uphuthume emzini womfowabo eyombikela ngosekwenzakele.

Amalungu omndeni athole isidumbu sikaSibongile Mhlongo sidindilize endlini, nommese usabhajwe emzimbeni.

Funda nalolu daba: Kudutshulwe kwabulawa ilungu lePhalamende

U-Isaac Mhlongo, 63, ongumfowabo womsolwa, uthi umfowabo ubeke wafika kwakhe ekuseni ezomazisa ukuthi usethathe isinqumo sokuyibulala indodakazi yakhe ngoba iyamhlukumeza.

Kuthiwa bake baxabana kwamuncu endlini ngonyaka odlule ngesikhathi umsolwa eletha unkosikazi wesibili, uSibongile washaya phansi ngonyawo ethi ngeke kwenzeke lokhu emzini kanina.

Umsolwa  kulindeleke avele enkantolo yeMantshi yaseShowe ngoMsombuluko.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.