Ugwazwe washona owe-NFP exhoma uqwembe lweqembu e-KZN

2016-07-21 20:30

Durban – Ilungu leNational Freedom Party (NFP) libhokodwe ngommese lashona limatasa liphanyeka uqwembe lomkhankaso eNewcastle‚ enyakatho neKwaZulu-Natal‚ ngoLwesine.

U-Anna Madonsela ubekuWard 4 ngesikhathi exabana nowesilisa obegqoke isikibha se-ANC, kanti kusolakala ukuthi lo wesilisa ube eseyamgwaza, kusho uNobhala wesifunda we-NFP uLindiwe Msibi.

UMsibi uthe bakholelwa ekutheni lokhu kuhlasela kunenhlansi yezepolitiki, ngoba i-NFP iyawatatazelisa amanye amaqembu.

OLUNYE UDABA: Umgcinimafa we-NFP uphika izinsolo zokungakhokhi

Yize i-NFP ingekho ohlwini lwamaqembu azongenela ukhetho, uMsibi uthe banethemba lokuthi inkantolo izozwelana nabo, yingakho beqhubeka nomkhankaso.

Ibukeka isingumkhuba indaba yokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, ikakhulukazi abe-ANC, kubika iTimes Live.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.