Ugwazwe washona obeminya kuphuzwa nabanye

2016-07-17 11:03

Harare - Iboshelwe icala lokubulala indoda ngemuva kokubulala umngani wayo ngoba nakhu ebeminya utshwala ngesikhathi kuphuzwa ibhodlela nabanye, kusho amaphoyisa aseZimbabwe.

Amaphoyisa aseBulawayo athe abophe indoda eneminyaka engu-22 ubudala uLwazi Great Mtethwa ngemuva kwezinsolo zokubulala uThabo Micheal Thebe, 23, ngesikghathi bephuza umtshwala nabanye abangani abangu-8.

UMtetwa utshweswe icala lokubulala.

OLUNYE UDABA: Ona-36 ushone kubangwa ugwayi

Ngokusho kophenyo lwamaphoyisa, ngezithuba zabo-21:00 uMtetwa noThebe babephuza bobabili ibhodlela lotshwala nabanye abangani babo abangu-8 ekhaya ngesikhathi laba bobabili bexabana.

Ngokusho kofakazi kwaqubuka inxabano phakathi kwalaba bobabili kubangwa ukuthi uThebe uphuza kakhulu, ushiyela abanye into encane.

UMtetwa wabe esephuma esehamba ethembisa ukuthi uzobuya azofundisa uThebe isifundo. Umtetwa wahamba wayakubo wabuya ngemuva kwemizuzu embalwa esehlome ngommese.

UMtetwa wahilizisana noThebe babambana ngezandla, kwaliwa. Ngesikhathi kuliwa uMtetwa wadonsa ummese wagwaza uThebe esifubeni nasemqaleni./

UThebe washona ujuqu endaweni yesigameko. UMtetwa watshela abaphenyi ukuthi ubezivikela, yize kunjalo uMtetwa ulahlwe yicala lokubulala wagwetshwa iminyaka engu-20 ebhadle ejele, kubika iwwww.


“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.