Ugwetshiwe iminyaka emithathu ebhadla ejele owabiza iphoyisa ngekhafula

2018-03-28 11:03

Johannesburg - Lowo owayengumdayisi wezindlu uVicki Momberg ugwetshwe iminyaka emibili ebhadla ejele yiNkantolo kaMantshi eRandburg ngamazwi akhe anokucwasa ngokwebala awasho ngo-2016.

Inkantolo imgwebe iminyaka emithathu ebhadla ejele, kodwa owodwa walengiselwa wona.

Unyaka owodwa ulengiswe iminyaka emithathu ngombandela wokuba angatholakali necala elifanayo kulesi sikhathi.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abasebenzi bakamasipala ngelokukhwabanisa

Ngesikhathi kwehliswa isigwebo, uMomberg ubonakale esula izinyembezi. 

Ulahlwe amacala amane okudicilela phansi isithunzi somuntu ngoNovemba 3, nokuyilapho akhuluma kabi nephoyisa lomuntu omnyama elalimsiza ngesikhathi etshontsholiwe eNorthriding, eGoli. 

Kwi-video eyasabalala, uMomberg wayezwakala ekhalaza ngohlobo lwabantu abamnyama eGoli, wabiza iphoyisa ngekhafula.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.