Ugwetshiwe iminyaka engu-18 owashisa wabulala isoka le-ex

2017-02-16 08:00

Johannesburg – INkantolo yeMantshi yasePitoli igwebe indoda eneminyaka engu-32 ubudala yaseJabavu, eSoweto iminyaka engu-18 ibhadla ejele ngokubulala isoka elisha lowayeyintombi yayo, kusho amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uThulani Mbambala uthe uTshepo Lucas Sekgobela owashiywa umama wengane yakhe waqala wahlasela uMduduzi Hlomuka ngo-2013.

"Le nkinga yaqala ngoDisemba 2013 ngesikhathi uSekgobela ehlasela isoka elisha lowayeyintombi yakhe, uMduduzi Hlomuka ngenhloso yokulimaza," kusho uMbambala.

OLUNYE UDABA:Usesitokisini 'owashisa' umjondolo wentombi

Kwavulwa icala lokushaya, uSekgobela waboshwa wathweswa icala kodwa wadedelwa ngebheyili.

Ngesikhathi uSekgobela engaphandle ngebheyili ngoJanuwari 2014, waya emzini kaloyo owayeyintombi "eyoqedela ayekuqalile," kusho uMbambala.

"Ngesikhathi besalele, owayeyintombi wavuswa umsindo owawungaphakathi egumbini ababelele kulo nesoka lakhe elisha. USekgobela wakwazi ukungena ngaphakathi egumbini labo wahilizisana noHlomuka."

Intombi yaphuma iyofuna usizo komakhelwane, kodwa yasindwa yizinyawo ngoba yabuya uSekgobela esethungelo ngomlilo isoka kanye negumbi labo lokulala.

UHlomuka wathola amanxeba amabi okusha waphuthunyiswa esibhedlela iChris Hani Baragwanath nokuyilapho ashonela khona.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.