Ugwetshiwe obedla imali kahulumeni ethi ugulelwa yingane

2016-08-16 19:04

London – Kuboshwe owesifazane waseBritain ngoMsombuluko ngokungenisa ingane yakhe ngaphansi kohlelo oluthile lwezempilo ukuze ezohlomula ngemali kahulumeni.

Owesifazane waseCroydon, eningizimu yeLondon, elingadalulwanga igama lakhe, ugwetshwe iminyaka eyisikhombisa ebhadla ejele ngemuva kokuchitha cishe iminyaka eyishumi eqamba amanga okuthi indodana yakhe inyagula.

Ngemuva kokuba umama efake isikhalazo, ingane kuthiwa kwadingeka ukuba idliswe ngamapayipi, kanti iyakwazi ukuzidlela.

Indodana yakhe yayinikezwa nemithi yesifuba somoya, nakuba zazingekho izimpawu ezikhomba ukuthi inalesi sifo.

Funda nalolu daba: Kulimale ababili indoda ihlasela esitimeleni

Lo mfana kuthiwa watshelwa ngunina ukuthi akenze sengathi unesifo sesifuba somoya, kusho amaphoyisa esitatimendeni.

Ngaleyo ndlela lona wesifazane oneminyaka engu-48 ubudala wathola u-87,400 pounds ($112,550, 100,630 euros) okuyisibonelelo sikahulumkeni ngokukhubazeka kwengane.

Amaphoyisa athi isiyonke imali ayithola lo mama u-375,200 pounds, isihlanganise naleyo eyayinikezwa yena ngokuhlala nale ngane.

Amaphoyisa athi kuphinde kwatholakala imithi engakaze isetshenziswe emzini wakhe engabiza u-145,900 pounds.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.