Ugwetshiwe olahlwe elokudlwengula isihlobo sakhe

2018-03-08 07:34

Cape Town  - Igwetshwe iminyaka engu-10 ibhadle ejele indoda eneminyaka engu-20 ubudala eNkantolo yesiFunda eButterworth ngokudlwengula umzala wayo, 16.

Ngokusho kwamaphoyisa ase-Eastern Cape, umsolwa ugwetshwe ngoLwesibili ngokudlwengula umzala wakhe ngoMashi 2015.

"Umsolwa waya kubo kwesisulu ngomhlaka-20 Mashi 2015 ngezithuba zabo-15:10 eTanga Village, eButterworth. Wafica isisulu sihlezi sodwa. 

OLUNYE UDABA:Kugwetshwe umzala ngecala lokudlwengula

"Wabe esesihudulela embhedeni lapho asidlwengulela khona," kusho isitatimende samaphoyisa.

Kwavulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa aseMsobomvu eButterworth, kwiFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit(FCS) ukuze kuzophenywa. Umsolwa wafunwa, watholakala wabe eseboshwa.

Igama lomsolwa ligodliwe ngenhloso yokuvikela isisulu esiyisihlobo.


 - African News Agency/ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.