Ugwetshiwe owabulala abashadikazi walaxaza izidumbu zabo emfuleni eMpendle

2017-10-18 16:03

eThekwini - Omunye wabasolwa ababhekene necala lokubulala abashadikazi abahlala kuNottingham Road ugwetshwe udilikajele.

UChristine, 57, nomyeni wakhe uRoger Solik, 66, bathunjwa ekhaya labo elisendaweni yomntakabani kuNottingham Road, eMidlands, ngenyanga kaFebhruwari ngesikhathi kuphangwa emzini wabo.

Izidumbu zabo zatholakala emfuleni eMpendle nokuqhele ngebanga elingamakhilomitha ngu-70 ukusuka ekhaya labo.

UChristine nguye owatholakala kuqala kwaze kwaba wukuthi umndeni ucela osizo ngoRoger owayengakatholakali.

Isidumbu sakhe saze satholakala ngemuva kwezinsuku ezintathu buqamama nalapho okwatholakala khona isidumbu somkakhe.

OLUNYE UDABA:Bagwetshwe udilikajele ababulala owesilisa kwaHlabisa

Izandla zabo zaziboshiwe futhi kubonakala ukuthi bashaywa baze bashona.

NgoLwesibili umsolwa kuleli cala uXolani Brian Ndlovu, 38, wawavuma amacala ayebekwe wona eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

Ibamba lejaji kuleli cala u-Anand Maharaj ligwebe uNdlovu udilikajele ngamacala okubulala kanye neminyaka engu-15 kwelokuphanga kanye nengu-10 kwelokuthumba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.