Ugwetshiwe owabulala i-ex nesoka layo

2016-08-09 08:32

Thohoyandou - INkantolo eNkulu yaseLimpopo igwebe indoda eiminyaka engu-25 ibhadle ejele ngokubulala owayengunkosikazi wayo nesoka layo ngo-2014.

Ngesikhathi ibamba leJaji uMaele Mushasha ligweba uTebogo Moabelo eThohoyandou lithe kufanele lihlonishwe ilungelo labantru besifazane lenkululeko.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa lingqokloze intombi kanye ne-ex yalo ngesibhamu

Ngokusho kukaMashudu Malabi-Dzhangi weNational Prosecuting, isigameko senzeka kulandela ukusu imantshi ikhiphe incwadi yokugcina yokuvikela owayengunkosikazi kaMoabelo uMapule Darlene Modiba.

"Isigameko sokubulala senzeka ngalo usuku uMoabelo athola ngalo incwadi evikela isisulu."

Inkantolo enkulu iphinde yathola uMoabelo enecala lokusebenzisa imoto ngaphandle kwemvume.

UMoabelo wabulala uModiba nesoka lakhe uVictor Hadebe emzini ayeqashe kuwo ngo-Okthoba 2014. Wabadubula ephindelela wase ethatha imoto kaRadebe wahamba ngayo eseya emzini wakhe oseBochum imoto wayishiya ehlathini.

UMoabelo waboshwa ngosuku olulandelayo eBochum.

Umshushisi wombuso uRatshilumela Makhera ubecele ukuba agwetshwe udilikajele ngecala ngalinye lokubulala wathi isono sikaMobida ukwala uMoabela ngoba eyamhlukumeza, yingakho esengasekho emhlabeni.

ANA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.