St Johnbury – Ugwetshwe iminyaka emithathu
ebhadla ejele owesilisa waseVermont owavuma ukuthi wabulala ingane yentombi
yakhe eyayikhubazekile ngokuthi ayifakele i-vodka epayipini eyayidla ngalo.
UWalter Richters waseHardwick
ugwetshwe ngoLwesibili eSt. Johnsbury ngemuva kokwenza isivumelwano
nabashushisi.
Wehliselwe isigwebo ngesikhathi esiwuyaka
nengxenye asesihlale ejele.
URichters walivuma icala ngo-October lolokubulala
u-Isaac Robitille,13, emzini oseHardwick ayehlala kuwona nomama ka-Isaac.
Funda nalolu daba: Ubonakale ethwabaza ngunqu eyolanda imali yokukhokhela utshwala
Lo mlisa
oneminyaka engu-38 ubudala uphinde wavuma ukwethula ubufakazi ngomama wengane,
uMelissa Robitille, amaphoyisa athi wavuma ukuba aphuzise ingane i-vodka ngenxa
yokuthi yayinesicefe.
Abashushisi bathi
u-Isaac wayeyimphuphuthe,engenazo izindlebe, ezalwe nomlomo oklanyekile futhi
engakhuli kahle.
URichters uthe uyazisola ngesenzo sakhe.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).