Ugwetshiwe owabulala owesifazane, weba usana lwakhe

2017-09-20 14:01

Pietermaritzburg – INkantolo eNkulu eMgungundlovu ngoLwesibili igwebe owesifazane, 22, iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngokuklinya abulale owesifazane, 18, weba nengane yakhe, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

USamkelisiwe Zandile Shange, 22, ulahlwe yicala lokubulala nelokuthumba, kusho okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala esitatimendeni.

UGwala uthe uShange waphuphunyelwa yisusu, ngakho wayefuna ingane kamufi kube sengathi eyakhe esokeni lakhe.

Waboshwa ngoJulayi 2016 ngemuva kokuba amalungu omndeni wakhe ethole imininingwane ngokuthi uShange uyathinteka ekunyamalaleni kowesifazane oneminyaka engu-18 ubudala KwaNyuswa.

OLUNYE UDABA: UKlebe babophe onogada bemeya yaseMandeni

Umsolwa wayiswa esiteshini samaphoyisa, kanye nengane enezinyanga eziyisithupha ubudala.

Wabe eseholela amaphoyisa ehlathini ayelahle kulona isidumbu sowesifazane, 18, kusho uGwala.

Ingane yathathwa yagcinwa ngosonhlalakahle ngemuva kokuboshwa komsolwa.

UGwala uthe umama wengane waklinywa nguShange ngaphambi kokuba athathe ingane yakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.