Ugwetshiwe owabulala ugogo ematasa emlungisela ukudla

2017-11-16 18:00

Durban – Owesilisa waKwaZulu-Natal uzotholoza iminyaka engu-18 ejele kulandela ukulahlwa yicala lokushaya kabi nokugwaza ugogo wakhe, wambulala, ngemuva kokuba emphekele okudla.

UKhayelihle Ntombela, 33, ulahlwe yicala eNkantolo yesiFunda yaseNgwelezane kuleli sonto ngokubulala ugogo wakhe uBonakele Ntombela, 82, endaweni yasoThini, eNtambanana, e-Agasti, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

Ugogo wayesemzini wakhe ngesikhathi kungena umzukulu wakhe ecela ukudla.

"Kwathi umufi esematasa elungiselela ummangalelwa ukudla, wabe esemhlasela waphinde wambhokoda ngommese," kusho uZwane.

OLUNYE UDABA: Uvelile owabulala 'uSugar Daddy' kubangwa ucansi

Uthe lo gogo wagwazwa ekhanda nasemzimbeni waphinde washaywa ngesagila. "Wabe eseshonela endaweni yesigameko."

UZwane uthe amaphoyisa abe esebopha umzukulu ngemuva kwesigameko.

Lowo oyibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uMajor General Bheki Langa, ubashayele ihlombe abaseshi ngokusebenza ngokuzikhandla kuleli cala.

"Leli cala liphothulwe esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezintathu lenzeka. Ummangalelwa akatshengisanga zwelo ngesikhathi ehlasela isalukazi okwakuyiso esasimnakelela.

"Ngakho-ke akanayo indawo emphakathini wethu, indawo yakhe isejele," esho.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.