Ugwetshiwe owadlwengula, wakhulelisa ophazamisekile ekhanda

2016-07-19 20:32

Durban – Owesilisa waKwazulu-Natal ugwetshwe iminyaka engu-25 esejele kulandela ukulahlwa yicala lokudlwengula intombazane, 15, ephazamisekile emqondweni.

Lesi sigameko senzeka eMpangeni.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe iNkantolo yesiFunda yaseMpangeni imgwebe ngoMsombuluko uBhekumuzi Manzini, 54.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owesifazane owadlwengula umfana e-KZN

UGwala uqhube ngokuthi isisulu sasikubo ngo-2014 ngesikhathi kufika uManzini esipha upopo ngaphambi kokusidlwengula, wasisabisa wathi singatsheli muntu ngalesi sigameko.

“Umsolwa wayelokhu eqhubeka nokudlwengula isisulu uma abadala bengekho ekhaya, kwaze kwaba siyakhulelwa,” kuchaza uGwala.

U-anti wesisulu nguye owabona ukuthi sikhulelwe kwase kubikelwa amaphoyisa, yize uManzini ayesabisa ngokuwubulala lo mndeni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.