Ugwetshiwe owase-KZN owabulala umqwayizi emsola ngokweba imali

2017-01-22 15:19

Durban – Ligwetshwe iminyaka engu-30 nezinyanga eziyisithupha ibhungu elangqokloza ngenhlamvu umqwayizi elazikholisa ngaye maqede labe selimsola ngokuthi ulintshontshele imali.

UMondli Erasmus Hlongwa, 28, waseMandawe, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, ugwetshwe eNkantolo yeMantshi yaseScottburgh, kubika ILANGA langeSonto.

Imantshi igwebe uHlongwa iminyaka engu-15 ngecala lokubulala, engu-15 ngokutholakala nesibhamu esikhetho emthethweni kanye nezinyanga eziyisithupha ngokutholakala nezinhlamvu zesibhamu.

Ukugwetshwa kwakhe kulandela isigameko esishaqisayo lapho kuthiwa uHlongwa wahlangana noHloniphile Cele owayeziphilisa ngokuthengisa umzimba ePark Rynie, bathathana bayoshova ingolovane.

OLUNYE UDABA: Abasolwa abane basenkantolo ngelokubulala iphoyisa

Kuthiwa wahlabeka umxhwele uHlongwa wabe esemcela uCele ukuba amphelezele kuyiwe eDududu, kusaqhubeka intokozo.

Besathokozile kanjalo uHlongwa wadukelwa u-R400, wabe esesola ukuthi untshontshwe ngumufi kdwa umufi waphika.

Kuthiwa noma ephenywa ayitholakalanga leyo mali kuye, uHlongwa wakhipha isibhamu kubuka abangani bakhe, wasibeka ezimpondweni zamehlo bukhoma, zaya kanjalo.

Imantshi imsole kakhulu uHlongwa yathi waba nesihluku ngoba wacela wanikwa, waze wahamba nomufi, useyasuka uyambulala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.