Ugwetshiwe owase-KZN owadlwengula ingane, 5

2016-07-22 19:01

Durban – Owesilisa ugwetshwe iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula ingane yentombazane, 5, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa uMajor Nqobile Gwala uthe le ndoda, 51, igwetshwe eNkantolo yesiFunda yaseMpangeni.

Le ndoda ibisivele isihlale ejele izinyanga ezingu-9 kusukela yaboshwa ngo-Okthoba wonyaka odlule.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owesifazane owadlwengula umfana e-KZN

“Le ngane yayisendleleni eya esikoleni ngo-2010 ngesikhathi le ndoda imgxavuna, yayiyisa emzini wayo yase iyayidlwengula.

“Wasabisa le ngane ngokuyibulala uma ike yathi vu ngokuyehlele,” kusho uGwala.

Kuthiwa le ngane yabhoboka yatshela uthisha wayo ngalesi sigameko, zamkhalela kanjalo umsolwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.