Ugwetshiwe owase-KZN owadlwengula owesifazane ayecele ukumphelezela

2017-07-26 07:04

Durban – Izobhadla iminyaka engu-15 ejele indoda yaKwaZulu-Natal eyadlwengula owesifazane ngemuva kokumkhapha elibangise kubo, kusho amaphoyisa esifundazwe.

UNkosinathi Nqobile Myeni, 30, ugwetshwe eNkantolo yesiFunda yaseMpangeni ngemuva kokulahlwa amacala amabili okudlwengula.

Lezi zigwebo zombili uzozidonsa kanyekanye.

UColonel Thembeka Mbhele, okhulumela amaphoyisa, uthe uMyeni ubegila le mikhuba eSikhaleni neseKwaDlangezwa.

OLUNYE UDABA: Umalugaju ugwetshwe iminyaka engu-28 ejele

UMbhele uthe ngobunye ubusuku ngoFebhuwari 2015 uMyeni wadlwengula owesifazane KwaDlangezwa ngemuva kokucela ukumphelezela ngoba kwasekuhwalele.

Kulowo mnyama, uMyeni wadlwengula lo wesifazane wabaleka neselula yakhe.

UMbhele uqhube wathi uMyeni waboshwa ngemuva kokubikwa kodaba esiteshini samaphoyise aseMthunzini.

UMbhele uqhube ngokuthi ngesikhathi sophenyo, imiphumela yolibofuzo yabeka uMyeni endaweni yesigameko sokudlwengula. Icala lalivulwe esiteshini samaphoyisa aseSikhaleni ngo-2014.

UMyeni wayedlwengule intombazane, 17, eyayihamba ngasemathuneni ngo-Octoba 2014. Wayisabisa ngommese, kusho uMbhele.

Khonamanjalo indoda, 26, eyadlwengula umshana wayo oneminyaka engu-9 ubudala igwetshwe iminyaka engu-30 ejele yiNkantolo yesiFunda eMpangeni.

UMbhele uthe le ngane yadlwengulwa phakathi kuka-2012 no-2015.

Le ngane yaqashelwa wuthisha wayo kulandela ukungenzi kahle ezifundweni zayo wabe eseyiphosa imibuzo.

"Yavulela uthisha isifuba ngokuhlukunyezwa kwayo. Lo thisha wabe esebikela abakubo kale ngane kanjalo namaphoyisa.

"Umsolwa waboshwa ngokushesha wavela enkantolo, ukushushiswa kwakhe kwaba yimpumelelo," kusho uMbhele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.