Ugwetshiwe owaseColenso ngamacala okudlwengula

2017-01-18 19:30

Durban - Ugwetshiwe owesilisa ngemuva kokulahlwa amacala okudlwengula kanye nokugebenga.

Leli cala liphethwe inkantolo yesifunda e-Estcourt lapho umsolwa owayena-17 ngesikhathi enda lelicala egwetshwa iminyaka engu-25 ebhadla ejele.

Lo msolwa oseneminyaka engu-24 ubudala ugwetshwe iminyaka emihlanu ngokugqekeza nokuphanga, wagwetshwa iminyaka eyishumi ngecala ngalinye lokudlengula.

OLUNYE UDABA:Umsolwa usola iphoyisa ngokumdlwengula esitokisini

Inkantolo izwe ukuthi umsolwa waqala ubugebengu ngonyaka ka-2009 ngomhlaka 26 Febhruwari endaweni yaseRoosboom eColenso.

Ngosuku lwesigameko, umsolwa wagqekeza kweminye yemizi yakule ndawo wadlwengula abesimame ababili. Laba besimame babeneminyaka engu-17 no-21 ubudala ngaleso sikhathi.

Lo msolwa wabuye wabathathela imali engango-R30 kanye nomakhalekhukhwini ngaphambi kokubaleka.

Wabanjwa ngamaphoyisa ngonyaka ka-2015 ngemuva kuphento olunzulu.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.