Ugwetshiwe owaseMzingazi owadlwengula owesifazane ngo-2011

2017-09-05 17:59

Durban - INkantolo yesiFunda eRichards Bay ilahle ngecala yase igweba indoda eneminyaka engu-35 ubudala iminyaka engu-28 ibhadla ejele ngamacala awenza ngo-2011 endaweni yaseMzingazi, izolo (ngoMsombuluko).

NgoDisemba 2011, uSiphamandla Sikhumbuzo Ntuli wahlasela izithandani ezazihamba ku-RBM Road eMzingazi. Waxosha isoka, elisabisa ngommese wabe esehudulela isisulu esasineminyaka engu-20 ubudala ngaleso sikhathi ehlathini lapho afike asidlwengulela khona. 

"Waphinde wabamba inkunzi isisulu, esiphuca iselula nokunye. Isisulu sakwazi ukubaleka sayobikela amaphoyisa ngodaba," kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe umdlwenguli owathengela isisulu inkabi

Kwavulwa icala lokudlwengula nokubamba inkunzi esiteshini samaphoyisa aseRichards Bay, icala ladluliselwa kuFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit eMpangeni.

"Ukuzimisela kwamaphoyisa kuleli cala kwaholela ekutheni kuboshwe umsolwa ngemuva kweminyaka emibili kwenzeka isigameko. Umsolwa wagcina esitokisini ngesikhathi kusaqulwa icala kwaze kwaba wukuthi ukushushiswa kwakhe kuba yimpumelelo," kusho uMbhele.

Ngesikhathi umsolwa evela okokuqala enkantolo, wazama ukubaleka kodwa waboshwa. Wabe esethweswa elinye icala lokubalekela ingalo yomthetho.

Ngokwesitatimende samaphoyisa aKwaZulu-Natal, ugwetshwe iminyaka engu-25 ebhadlele ejele ngokudlwengula nokubamba inkunzi neminyaka emithathu ngokuzama ukweqa esitokisini.

"Sizoqhubeka nokuvalela abadlwenguli njengoba injongo yethu kuwukuqeda ngodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile esifundazweni," kusho ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa.




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.