Ugwetshiwe owathumba wadlwengula intombazane, 6

2017-09-02 08:31

eMlazi - Owesilisa oneminyaka engu-27 ubudala ugwetshwe udilikajele ngokuthumba nokudlwengula intombazane eneminyaka eyisithupha ubudala.

Amaphoyisa akwaZulu-Natal akuqinisekisele ukuthi iNkantolo yesiFunda yaseMlazi igwebe uSbahle Shange ngokuthumba nokudlwengula le ntombazane ngomhlaka-12 kuJuni ngonyaka odlule.

Kuthiwa uShange wahlasela le ntombazane ngesikhathi ihamba endaweni yaseziMangweni, wayithatha wayifaka endlini yakhe ngenkani wabe eseyayinukubeza.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe owadlwengula umshana wakhe eBlaauwbosch

Ngemuva kokuzwa ngalolu daba, umama wale ntombazane waphuthuma waya endlini kaShange.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthi umama wale ngane wahlaba umkhosi ecela usizo lomphakathi.

Umsolwa wakwazi ukuphuma ngesamagundane endlini yakhe nokho wabanjwa wumphakathi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.