Ugwetshiwe owazama ukugxisha ithini 'enkomeni' yomkakhe

2016-07-28 12:37

Durban – Umlisa oneminyaka engu-35 ubudala owazama ukugxisha ithina likafishi esithweni sangasese sikankosikazi wakhe ugwetshwe iminyaka engu-12 ebhadla ejele yiNkantolo yesifunda saseNewcastle, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

"Wamdlwengula wabesezama ukufaka ithini likafishi esithweni sakhe sangasese. Umsolwa wayesola umkakhe ngokujola nenye indoda. Waphinde washaywa ngumsolwa unkosikazi,” kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

Funda nalolu daba: Ugence inkosikazi yofowabo eyinuka ngokuthakatha

Ngokusho kukaZwane, isehlakalo senzeka ngoMeyi 2010, ngesikhathi umsolwa evusa umkakhe,33, emsola ngokujola.

UZwane uthe ngemuva kophenyo, umsolwa waboshwa, kanti kuzotholakala ukuthi ubefuneka ngelinye icala lokubulala.

"Ugwetshwe iminyaka eyisikhombisa ngecala lokubulala.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.