Ugwetshiwe owazibandakanya ocansini nembongolo

2017-09-28 12:30

Johannesburg - Igwetshwe izinyanga ezingu-12 ibhadle ejele indoda yase-Eastern Cape ngemuva kokuvuma icala lokuzibandakanya ocansini nesilwane, imbongolo.

Le ndoda ilahlwe yicala lokwenza ucansi nesilwane.

UNtando Thembalethu Mankungwini, 23, uthe enkantolo wayalelwa yisangoma ukuthi azibandakanye ocansini nesilwane.

"Isangoma esangitshela ukuthi ngizoba yindoda enamandla uma ngizibandakanye ocansini nesilwane," etshela inkantolo.

OLUNYE UDABA:Owesilisa ubanjwe ezitika ngocansi nembuzi

UMankungwini waseMoreneng endaweni yaseChevy Chase kwisifunda saseMount Fletcher, wazibandakanya ocansini nesilwane ngomhlaka-20 Septhemba.

Wahlangana nomhlambi wezimbongolo, wathatha ezimbili waya nazo endaweni eyihlane lapho afike azibandakanya khona ngokocansi neyodwa.

Okhulumela iNational Prosecution Act uLuxolo Tyali ngoLwesithathu, uthe uMankungwini wabanjwa oqotsheni ngumzukulu womnikazi wezimbongolo, owabe esejaha uMankungwini ecabanga ukuthi webela umkhulu wakhe izimbongolo.

 - DispatchLIVE

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.