Ugwetshiwe owesifazane owabulala ingane yesoka

2017-12-08 18:01

Cape Town – U-Anthea Kleynhans, 39, ugwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseWestern Cape iminyaka engu-18 ebhadla ejele ngecala lokubulala ingane yesoka lakhe, uLache Stols, 3, kusho iNational Prosecution Authority (NPA) ngoLwesihlanu. 

Inkantolo igwebe uKleynhans iminyaka engu-13 ngecala lokubulala neyisikhombisa ngokuhlukumeza ingane, ngoLwesine.

Iminyaka emibili ngecala lokuhlukumeza uzoyidonsa kanye kanye nesigwebo sokubulala.

IJaji uNolwazi Boqwana uthe besingamfanele ummangalelwa isigwebo sikadilikajele.

UBoqwana ufike kulesi sigwebo ngenxa yokuthi uKleynhans ubeqala ukwephula umthetho.

OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo 'owabulala ingane wayifaka e-toilet edinwe yisoka'

Okhulumela i-NPA u-Eric Ntabazalila uthe uKleynhans wahlukumeza le ngane yentombazane isikhathi esiyizinyanga ezintathu.

Uthi uLache wayenezibazi futhi elimele umzimba wonke.

Uqhuba ngokuthi le ngane yayiphuke izingalo, kuchachambe ugebhezi lwekhanda, ilimele ezimbanjeni ngenxa yokubanjwa kabuhlungu, ilimele emlonyeni kutshengisa ukuthi yayishaywa ngamaqupha futhi inezibazi zokusha ezinyaweni.

UNtabazalila uthe izibazi okuyizo ezazizimbi kakhulu kwavela ukuthi le ngane yazithola esikhathini esingangamahora angu-18 ngaphambi kokuba idlule emhlabeni.

Udokotela owahlola isidumbu sale ngane wachaza ukulimala kwayo "njengesihluku angakaze asibona ngaphambilini".


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.