Ugwetshiwe owesilisa waseSikhaleni ngelokudlwengula umshana wakhe

2018-02-28 11:00

Durban - INkantolo yesiFunda yaseSikhaleni igwebe owesilisa oneminyaka engu-31 ubudala udilikajele ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula umshana wakhe, 15.

Le ndoda iphinde yalahlwa nayicala lokunukubeza ngokocansi.

Kusolakala ukuthi ngomhlaka-29 Disemba 2016 ngabo-17:00, isisulu sasihamba eBhekizwe Reserve, eSikhaleni, ngesikhathi sihlangana nomalume waso.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe isisulu sanukubezwa ngokocansi saphinde sadlwengulwa, sasatshiswa ngokufa uma sike sathi vu ngalesi sigameko.

Kwavulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa aseSikhaleni, kwase kuqaliswa uphenyo. Idokodo labe selidluliselwa ophikweni oluphenya ngamacala odlame lomndeni, ukuvikeleka kwezingane kanye namacala ocansi eMpangeni.

UZwane uthi amaphoyisa asebenza ngokungakhathali, umsolwa waboshwa wabe esebekwa icala.

OLUNYE UDABA: Ulahlwe ngelokudlwengula owakhipha ijazi kwenziwa ucansi

Kwesinye isigameko, ubaba, 33, ugwetshwe iminyaka engu-18 ebhadla ejele ngokudlwengula indodakazi yakhe angayizali eNqamuzana Reserve, eMthunzini.

Ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda yaseSikhaleni.

Kusolakala ukuthi ngomhlaka-2 Okthoba 2016, isisulu esasineminyaka engu-12 ubudala sasilele ekhaya kubo ngesikhathi le ndoda inyonyoba iyongena egumbini laso lokulala, yasidlwengula.

Ngenhlanhla ingane yakwazi ukubona ummangalelwa yize yonke into yayenzeka ebumnyameni.

Kwavulwa icala emaphoyiseni aseMthunzini, zabe seziyamkhalela lo baba.

Lowo oyibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, uzamukele izigwebo ezinikezwe la madoda womabili.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.