Ugwetshiwe ubaba owadlwengula indodakazi yakhe

2016-07-27 14:30

Mbombela – Ugwetshwe iminyaka engu-23 esejele ubaba waseMpumalanga owathi ingane yakhe yentombazane, 14, yambophela amanqina enyathi yathi wayidlwengula izikhawu ezimbili.

Lo baba, 39, waseMbombela, engeke likhishwe igama lakhe ukuze kuvikelele isisulu, ugwetshwe ngesikhathi evele eNkantolo yesiFunda yaseNelspruit ngoLwesibili.

Zamkhalela ngoFebhuwari wonyaka owedlule ngemuva kwenzinsolo zokudlwengula indodakazi yakhe.

Le ndoda, ebigqunywe esitokisini solokhu yaboshwa, iwaphikile amacala amabili okudlwengula ebibekwe wona.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele osolwa ngokudlwengula indodakazi ewusana

"Ubulokhu uthi umsulwa ngesikhathi kuqhubeka icala, uthi isisulu nomalume baso bakubophela amanqina enyathi.

“Isenzo sakho sehlisa isithunzi futhi singamanga, uwuzwise ubuhlungu lo mndeni ngoba kudingeke ukuthi uzofakaza enkantolo,” kusho iMantshi uVanessa Joubert.

Imantshi ithe isenzo sikammangalelwa sadala uqhekeko emndenini.

“Wahlukanisa le ngane nomama wayo. Wasebenzisa amandla akho ukunukubeza indodakazi yakho njalo uma ikuvakashele,” kusho uJoubert.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.