Ugwetshiwe umama owashadisa indodakazi, 15, nendoda ena-40

2017-02-02 19:28

Harare - Ugwetshwe izinyanga ezinhlanu owesifazane onminyaka engu-44 ubudala waseZimbabwe ngemuva kokuphoqa indodakazi yakhe esencane ukuba ishade nendoda eneminyaka engu-40 ubudala, kusho umbiko.

Ngokusho kwephephandaba iChronicle, lo mama okufihlwe igama lakhe uthi washadisa indodakazi yakhe eneminyaka engu-15 ubudala ngenhloso "yokulonda ikusasa yalo uma yena esengasekho emhlabeni".

OLUNYE UDABA: Owesifazane ushaye wabulala isoka elimncishe inkonzo yasekameleni

Lo mama uthe watholwa nesifo esingamthatha noma yinini. Manje ubengafuni ukushiya indodakazi yakhe ingenamuntu ozoyinakekela uma esengasekho.

Inkantolo ilalele ukuthi ngomhlaka-12 Januwari, Lo wesifazane waphoqa indodakazi yakhe ukuthi ishade noJulias Nyika, kodwa le ntombazane yanqaba.

Ngalobo busuku, nakuba kunjalo, lo wesifazane wathatha indodakazi yakhe ngenkani wayihambisa emzini kaNyika lapho afike ama khona emnyango egade ozongena ngesikhathi uNyika ezitika ngokocansi nendodkazi yakhe.

Icala lavela ngemuva kokuba le ntombazane ibikele ugogowayo okungye owabikela amaphoyisa, kwase kuboshwa umama wayo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.