Ugwetshiwe umashonisa owabanjwa ekhipha imali emakhadini amakhasimende

2017-08-11 18:01

Kimberley - Ugwetshiwe umashonisa waseNorthern Cape owatholwa namakhadi angu-60 akwa-Sassa, awasebhange nawe-EasyPay amakhasimende akhe.

Lo mashonisa uthole isigwebo sezinyanga ezingu-18 ebhadle ejele noma sokuhlawula imali engu-R4 000 eNkantolo yeMantshi yaseKimberley.

Okhulumela amaphoyisa ophiko loKlebe uCpatain Philani Nkwalase, uthe uJennifer Magdalene Mia, 35, uvele eNkantolo yeMantshi yaseKimberley ngoLwesine ngemuva kokuba yena nabanye omashonisa abathathu beboshelwe ukuphambana nomthetho weNationa Credit Act 34 of 2005.

OLUNYE UDABA: 'Umashonisa usefuna ukulala nendodakazi yami'

Ngokusho kukaNkwelase, abasolwa baboshwa bekhipha imali yamakhasimende abo kwi-ATM ku-Long Street, ngomhlaka-28 Febhuwari kulo nyaka.

"Watholwa ephethe amaklhadi angu-67 akwa-Sassa, asemabhange nawe-EasyPay, kanye nemali engu-R14 600 owakhishwa kuma-akhawunti amakhasimende abo," kusho uNkwalase.

"UMia ulivumile icala wahlawuliswa imali engu-R4 000 noma abhadle ejele izinyanga ezingu-18 ejele."

Icala lalaba abanye omashonisa kulindeleke ukuba liqhubeke ngomhlaka-17 Septhemba.

  - African News Agency

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.