Ugwetshiwe umdlwenguli waseMlazi

2018-01-23 14:00

Durban - INkantolo yesiFunda yaseMlazi ilahle ngecala yagweba uSamkelo Khumalo, 33, iminyaka engu-23 ebhadle ejele ngamacala okudlwengula, ukuthumba nokushaya ngenhloso yokulimaza.

UKhumalo ugwetshwe ngoLwesihlanu wangomhlaka-15 Januwari 2018 ngemuva kokuba inkantolo ilalele ukuthi wasidlwengula kanjani isisulu.

Ugwetshwe iminyaka engu-15 ngokudlwengula, iminyaka emihlanu ngokuthumba neminyaka emithathu yokushaya ngenhloso yokulimaza.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe umdlwenguli owathengela isisulu inkabi

Ngomhlaka-27 Ephreli 2016 ebusuku, isisulu, 31, sasisesigcemeni sakwa-H emjondolo, eseMlazi ngesikhathi ehlaselwa wumsolwa.

Isisulu saphoqwa wumsolwa ukuba siye emzini wakhe lapho asihlasela khona waphinde wasidlwengula.

Icala lokudlwengula, ukuthumba nokushaya lavulwa esiteshini samaphoyisa aseMlazi.

Ezinsukwini ezimbili ezilandelayo, abeFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences unit eMlazi babopha umsolwa ngokudlwengula.

Umsolwa wavela enkantolo yaseMlazi lapho alahlwe khona ngamacala abebhekene nawo.




Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.