Ugwetshiwe umphrofethi ngokudlwengula ingane okwakuthiwa akayelaphe

2016-08-09 13:06

Harare - Kuboshwe umphrofethi ngecala lokudlwengula intombazane esikhulile eyalethwa kuye ngemizamo yokulapha ukungena kwayo esikhathini njalo, kusho amaphoyisa aseZimbabwe.

Amaphoyisa aseRedcliff athe abophe indoda eneminyaka engu-36 ubudala uWellington Gase ongumphrofethi ngemuva kokudlwengula intombazane izikhawu ezintathu.

OLUNYE UDABA: Umphrofethi ufuna ucansi kubazalwane

dLo mphrofethi waphinde wayisulela nge-HIV. Njengamanje uGase ugwetshwe iminyaka engu-36 ebhadle ejele ngemuva kokulahlwa amacala amathathu okudlwengula.

UGase wayecelwe ngumama wale ntombazane ukuba ayelaphe kulandela ukungena esikhathini ingaqedi.

UGase wathenbisa ukuthi uzoyelapha kodwa kuzothatha izinsuku ezintathu. Umama wavuma ukushiya indodakazi yakhe noGase. Kulezo zinsuku uGase wayeyidlwengula le ngane.

UGase wasabisa ngokuqalekisa umndeni wale ngane uma inqaba ukulala naye. Ngemuva kwalohko ingane yagoduka yafike yasho ekhaya.

Ingane yaphuthunyiswa esibhedlela yahlolelwa ne-HIV kwatholakala ukuthi isulelekile, kubika iwwww.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.