Ugwetshiwe umqwayizi owebela ikhasimende lakhe imali

2018-03-14 19:29

Bulawayo - Ugwetshwe amahora angu-480 enza umsebenzi womphakathi umqwayizi owaboshelwa ukwebela ikhasimende lakhe imali ngesikhathi lilele.

Lo mqwayizi webela ikhasimende lakhe imali elinganiselwe ku-R9 000.

UMuchaneta Makaki ulivumile ecala ngesikhathi evele ngaphambi kweMantshi uShingirai Mutiro eNkantolo kaMansthi yaseGuruve izolo (ngoLwesibili).

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umqwayizi ngokulimaza ubuntu bekhasimende

Umshushisi uSpiwe Makarichi utshele inkantolo ukuthi uMakaki watholana noCharles Marufu, 41, ekilabhini iDendere ngomhlaka-19 Febhuwari 2018 ebusuku bavumelana ngemali encane elinganiselwe kwengu-R117 ukuba bajabulisane.

Ngemuva "kwenkonzo" uMarufu wazunywa wubuthongo, uMakaki wabe eseyamkhuthuza amaphakethe ebhulukwe wathola imali.

UMakaki wazithengela impahla yasendlini ngemali ayebela ikhasimende lakhe.

Khonamanjalo, imantshi iyalele uMakaki ukuba abuyisele uMarufu imali yakhe yonke aphinde enze nomsebenzi womphakathi amahora angu-480 esiteshini samaphoyisa aseMvurwi.

 - Bulawayo24

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.