Ugwetshiwe unesi owabanjwa edayisa ama-ARV

2017-08-14 16:00

Limpopo -  Umhlengikazi waseLimpopo ugwetshiwe ngemuva kokulahlwa yicala lokweba nokudayisa imishanguzo ethithibalisa isandulela ngculazi , ama-antiretroviral (ARV).

UMokgadi Ramusi, 45, uvele eNkantolo yesiFunda yaseMorebeng ngecala lokwephula umthetho wokusebenza ngemishanguzo kanye nezinye izinsiza ezifana nayo.

Lo mhlengikazi ugwetshwe iminyaka emine ejele, walengiselwa emibili noma akhokhe inhlawulo ka-R20 000.

OLUNYE UDABA:Zimkhalele unesi osolwa ngokudlwengula isiguli esikhulelwe

Okhulumela oKlebe kulesi sifundazwe uCaptain Matimba Maluleke, uthi oKlebe babamba lo wesimame ngemuva kokulunywa indlebe ngomsebenzi wakhe wokudayisa le mishanguzo edolobheni ePolokwane.

OKlebe baqhamuka nesu lokuzenza amakhasimende ukuze bakwazi ukubamba umsolwa oqotsheni. Ngesikhathi eboshwa, uRamusi wazama ukudayisela iphoyisa amabhodlela avaliwe ama-ARV ngo-R7 500.

Uphenyo lwaveza ukuthi le mishanguzo yebiwa emtholampilo iBotlokwa Clinic nokuyilapho esebenzela khona lo mhlengikazi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.