Ugwetshwe engu-25 ejele umakhelwane ngokudlwengula e-KZN

2017-01-27 11:32

Durban - INkantolo yesiFunda yasesiKhaleni ilahle ngecala yagweba uSthembiso Zulu, 27, iminyaka engu-25 rbhadle ejele ngecala lokudlwengula ngomhlaka-25 Januwari 2017.

Ngomhlaka-12 Mashi 2015 ingane yentombazane eneminyaka engu-8 ubudala yaseMandlakala yayisekhaya ibnuka ithelevishini nomsolwa ngesikhathi umsolwa eyibamba eyidlwengula.

OLUNYE UDABA: Ugogo ukwazile ukukhiyela umdlwenguli

Ngemuva kwalokho wahamba wayocasha.

Isisulu sabikela ugogo waso ngodaba kwavulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa asesiKhaleni idokodo ladluliselwa eMpangeni FCS bezophenya. 

Ngokwesitatimende samaphoyisa umsolwa waboshwa ngomhlaka-14 Mashi 2015 wavela izikhawu eziningi enkantolo waze wagwetshwa.

Ibamba leKhomishana laKwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa lishayele ihlombe amaphoyisa ngokushesha ngokuphothula uphenyo nangokubopha umsolwa.

"Abadlwenguli abanayo indaow emphakathini yethu, sizoqhubeka nokubavalela ejele lapho okufanele bagcinwe khona."



- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.