Ugwetshwe ezingu-6 othuke owesifazane onqabe nocansi

2017-02-04 11:01

Lilongwe - INkantolo yeMantshi yaseMachinga ngoMsombuluko igwebe indoda eneminyaka engu-36 ubudala izinyanga eziyisithupha ngokuthuka owesifazane onqabe ukuzibandakanya nayo ocansini.

Inkantolo ihphinde yahlawulisa amadoda amane angobhululu bale ndoda, abazame ukuyivikela ngesikhathi iboshwa amaphoysia.

USergeant Davie Katandike wamaphoyisa aseMachinga uhlonze le ndoda ngelikaLloyd Wazili.

OLUNYE UDABA: Video: Uthisha enza ucansi nomfundi esikoleni

Ngokusho kukaKatandika, uWazili wabona owesifazane ejikeni laseMangochi elinde uSihlalo weCommunity policing endaweni.

UWazili wabe eseya kulo wesifazane wacela ukuba azibandakanye naye ocansini, lo wesifazane ngokukhulu ukuzithoba wenqaba wacela ukuthi ahambe.

TUWazili kunokuthi ahmabe wavele wachapha lo weisfazane ngenhlamba, emubiza ngawo wonke amagama awathandayo.

UWazili waboshwa ngemuva kwesikhashana ngamalungu aqaphe umphakathi.

Amaphoyisa abikelwa ngokubanjwa kukaWazili aphuthuma endawnei yesigameko eyobopha uWazili kodwa kwabanzinyana njengoba abashayeli bamatekisi baseMangochi balwiswana namaphoyisa engafuni ukuthi aboshwe uWazili. Ngemuva kwesikhashana amaphoyisa agcina ekwazile ukubopha uWazili.

Yize kunajlo la bashayeli balandela amaphoyisa kwaze kwafiwka esiteshini samaphoyisa, baqala phansi bafuna kudedelwe uWazili.

Amaphoyisa akwazi ukubiopha abashayeli abane.

Enakntolo uWazili ubhekane necala lokuthuka inhlamba kanti abashayeli bona babhekane nelokungaziphathi kahle esiteshini samaphoyisa.

Bonke bawavumile amacala abebebhekane nawo.

UWazile wagwesthwa izinyange ezingu-6 ejele abangani bakhe bahlawuliswa imali.

 - Malawi24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.