Ugwetshwe iminyaka emibili esejele u-Andile Lungisa

2018-05-09 14:08

Isikhulu se-ANC e-Eastern Cape, u-Andile Lungisa, ugwetshwe iminyaka emithathu ebhadla ejele yiNkantolo yeMantshi yasePort Elizabeth ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

ULungisa, owaliphiksa icala, usolwa ngokugqema ekhanda ngojeke oyingilazi lowo owabe eyilungu lekomidi lemeya uRano Kayser ngesikhathi kuqhubeka umhlangano woMkhandlu waseNelson Mandela Bay ngo-Okthoba 2016.

IMantshi uMorne Cannon ithe uLungisa akazange atshengise ukuzisola ngesenzo sakhe wabe esemgweba iminyaka emithathi, owodwa walengiswa isikhathi esiyiminyaka emihlanu.

Lokhu kusho ukuthi uLungisa uzohlala iminyaka emibili ezikhindini.

OLUNYE UDABA: Ulahlwe yicala lokushaya u-Andile Lungisa we-ANC

I-video ekhonjiswe enkantolo, eyaqoshwa yikhansela leDemocratic Alliance uRenaldo Gouws, itshengisa uLungisa egqema uKayser ekhanda ngojeke oyingilazi bese uphihlikela kuye, ngaphambi kokubaleka.

Kuyona kubonakala uKayser egqwatheka bese eyowela phansi.

UKayzer walimala kabi ekhanda nasentanyeni, okubalwa nenxeba alithola enhlafunweni kwadingeka ukuba athungwe.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.