Ugwetshwe iminyaka engu-10 owathumba uZephany Nurse

2016-08-15 11:30

Cape Town – Owesifazane owalahlwa yicala lokuthumba uZephany Nurse esewusana, umama wakhe elele esibhedlela, ugwetshwe iminyaka engu-10 esezikhindini.

IJaji uJohn Hlophe uthe amacala enziwa yilo wesifazane abucayi kakhulu, kepha ubheke okuningi ngesikhathi ehlisa isigwebo, okubalwa iminyaka yakhe, ukugula nokuthi akaze atholakale esecaleni.

NgoMashi 10, uHlophe walahla ngecala lo wesifazane.

OLUNYE UDABA: Kulindele agwetshwe namhlanje owathumba uZephany Nurse

Lo wesifazane ubelokhu eme njalo welokuthi akaze alubhade eGroote Schuur Hospital ngosuku okwaduka ngalo uNurse ngo-1997, uthi ingane wayithola kowesifazane 'owayeyidayisa'.

Waboshwa ngoFebhuwari 2015 ngesikhathi kuvela ukuthi le ngane ayikhulisile akuyona eyakhe.

Lezi zingane zafaniswa nguthisha esikoleni ezazifunda kuso, kanti ngempela ziyizelamani.

Ulibofuzo lwaqinisekisa ukuthi ngempela le ngane inguZephany.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.