Ugwetshwe iminyaka engu-10 oweba omakhalekhukhwini ababili

2018-04-11 07:30

eTshwane -  Owesilisa owayehlome ngommese ngesikhathi ehlasela egebenga umfundi usegwetshiwe.

UPrince "Jacquar" Ndlovu, 46, ugwetshwe iminyaka engu-10 yiNkantolo kaMantshi ePretoria ngecala lokugebenga ngenhloso yokulimaza.

Lo mlisa wagwaza umfundi oneminyaka engu-22 ubudala engalweni wamgebenga omakhalekhukhwini ngaphambi kokubalekela kwibhilidi elalingahlali bantu.

"Leli bhilidi lihlala imigulukudu ehebenga abantu kanti lidume ngokuthi yi-white house,"kusho okhulumela amaphoyisa aseSunnyside uKaputeni Daniel Mavimbela.

OLUNYE UDABA:Adedelwe ngebheyili amaphoyisa abonakala kwivideo 'efumbathiswa'

UMavimbela uqhubeke ngokuthi amaphoyisa aseSunnyside abuqaphe ngawokhozi ubugebengu kule ndawo.l

UNdlovu waboshwa ngoJulayi 2016 wagqunywa ezitokisini kwaze kwaba wukuthi uyagwetshwa.

Lo mlisa ugwetshwe iminyaka engu-15 walengiselwa emihlanu.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.