Ugwetshwe iminyaka engu-190 owabulala abayisithupha ngaseHammarsdale

2017-03-06 16:01

Durban – Owesilisa oneminyaka engu-24 ubudala ugwetshwe iminyaka engu-190 ebhadla ejele ngamacala okubulala abayisithupha eHammarsdale.

USisanda “Chocolate” Mvinjana wavuma amacala okuvulala oSiyanda Kubheka, 26, Sphamandla Mavundla, 27, Sphelele Kubheka, 37, Mcebisi Godwe, 29, Hlengiwe Kubheka, 20, kanye noNonhlanhla Mbhele, 22.

Laba badutshulwa babulawa endaweni yaseGeorgedale ngaseHammarsdale ngomhlaka-20 kuJanuwari.

UMvinjana wabanjwa e-Eastern Cape etholakala nesibhamu esingakho emthethweni. Ngesikhathi sihlolwa lesi sibhamu, amaphoyisa athola ukuthi yisona esasetshenziswa ngesikhathi kubulawa laba abayisithupha.

UMvinjana wabekwa amacala ayisithupha okubulala kanye nelilodwa lokuzama ukubulala.

OLUNYE UDABA:Bahlengiwe abayisithupha abebeguguleke nesikebhe e-KZN

NgoLwesihlanu iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu imgwebe iminyaka engu-30 ngecala ngalinye lokubulala kanye neminyaka eyishumi ngelokuzama ukubulala.

Amaphoyisa asathungatha abanye abasolwa abathathu abathintekayo kuleli cala.

Ngesikhathi kuqulwa icala uMvanjana utshele inkantolo ukuthi ubedayisa iwunga kule ndawo, kodwa waliyeka leli bhizinisi elishiyela umngani wakhe owaziwa ngelikaThabani.

Lo mlisa uthi wezwa amahlebezi okuthi kukhona abantu abathile asebadayisa iwunga kule ndawo nokuyinto eyamcasula, ukuthi kukhona ozama ukuwisa ibhizinisi likamngani wakhe.

Ngomhlaka-20 Januwari uThabani wafika kubo kaMvinjana namanye amadoda amabili bezodingida lolu daba nokuyilapho abanquma khona ukuthi bayohlasela, kubika i-Daily News.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.