Ugwetshwe iminyaka engu-194 owayehlasela abantu eMandawe

2018-03-02 12:32

Durban – NgoLwesine enkantolo eNkulu yasePietermaritzburg igwebe uThulani Percival Kheswa, 24, ugwetshwe iminyaka engu-194 ebhadla ejele.

UKheswa ulahlwe amacala amane okubulala, amabili okuzama ukubulala kanye nangu-12 okugebenga ngenhloso yokulimaza.

Ngokusho kukaLieutenant Colonel Thulani Zwane uthi umsolwa wagqama kwabezomthetho ngasekupheleni kuka-2017 ngemuva kokudubula uMakhosazane Mary Jane Mokoena, 34, eScottburgh, kanye noSiyabonga Ngcobo, 23, ngemuva kwemizuzu engu-15 enze isigameko sokuqala.

"Waboshwa ngomhlaka 22 Novemba 2017 ngemuva kokuba kuhlelwe ithimba elikhethekile iTask Team lo-Ugu Cluster Operational Command Centre nokuyilona elagcina limubophile,"kusho uZwane.

UKheswa watholakala nesibhamu sohlobo lwe-9mm, omakhalekhukhwini, ama-tablet, amawashi kanye nama-sim card ahlukahlukene.

OLUNYE UDABA: Usebanjiwe obehlukumeza umphakathi waseMandawe

Lo mlisa waqala ukuhlukumeza lo mphakathi ngoMsombuluko mhlaka-30 Okthoba ngo-18:00 ushayasibhamu ongaziwa wahlasela abantu abathathu abebehamba emgwaqeni uDexter endaweni yaseMandawe.

Kuthiwa udubule umuntu wokuqala emlenzeni, owesibili emlonyeni nasengalweni wase eyabagebenga. Isisulu sesithathu sivele sakhipha isikhwama semali kanye nomakhalakhukhwini ngaphambi kokubaleka.

Abadutshuliwe baseminyakeni engu-31 no-44 ubudala kanti baphuthunyiswe esibhedlela ngabosizo lokuqala. Amaphoyisa aseScottburgh aphenya amacala amathathu okugebenga kanye namabili okuzama ukubulala.

NgoLwesihlanu mhlaka-3 Novemba ebusuku ngo-20:00 owesimame oneminyaka engu-34 ubudala uhlaselwe esendleleni ebuyela ekhaya ephuma emsebenzini.

"Lo wesimame udutshulwe esifubeni washonela eduze kwekhaya lakhe, khona eMandawe. Umfowabo uzwe ngodadewabo ememeza, ngesikhathi ephuma wamthola opha. Umphuthumise esibhedlela lapho efike washonela khona," kusho isitatimende samaphoyisa.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.