Ugwetshwe iminyaka engu-20 owadlwengula intombazane, 10, espaza

2017-10-31 12:32

Durban - Igixabezwe ngeminyaka engu-20 ibhadle ejele indoda eneminyaka engu-64 ubudala ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula isisulu, 10, KwaZulu-Natal.

Amaphoyisa ophiko lwe-SAPS esitatimendeni ngoLwesibili athe uLindinkosi Malomeni Nxumalo ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda yaseNkanyezi ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe umalume owadlwengula umshana ephindelela

Amaphoyisa athe: "Ngomhlaka-30 Septhemba, isisulu sasisendleleni yaso ebheke esikoleni ngesikhathi siya esitolo esisendaweni yaseSiphezi, eShowe.

"Ngesikhathi sisesitolo, sahlaselwa ngumnikazi wesitolo wasidlwengula. Umsolwa waphazanyiswa wumsindo owawungaphandle isisulu sakwazi ukuphunyuka sibaleke."

Amaphoyisa aseShowe ayaphenya ngemuva kokuvulwa kwecala.

Ibamba likaKhomishana lamaPhoyisa KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa usamukele lesi sigwebo wathi sizoya yisifundo kulabo abacabanga ukwephula umthetho.

"Lokhu kuzoba yisexwayiso kwizigilamkhuba ezihlasela abantu besifazane nezingane abangakwazi ukuzivikela, zicabanga ukuthi zizophunyuka kalula kule migilingwane yazo. Ngithanda nokubonga isisulu ngokubikela amaphoyisa ngalolu daba," esho.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.